Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 5:29 - IsiZulu 2020

29 Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Njalo wahle woma umthombo wegazi lakhe; wezwa emzimbeni ukuthi uphulukisiwe kuleso sifo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Njalo wahle woma umthombo wegazi lakhe; wezwa emzimbeni ukuthi uphulukisiwe kuleso sifo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 5:29
14 Referans Kwoze  

UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile, hamba ngokuthula; uphulukisiwe enhluphekweni yakho.”


Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte.


Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho,


Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa.


Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo.


Wathumela izwi lakhe, wabaphilisa, wabahlenga emathuneni abo.


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


“Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane,


“ ‘Uma umuntu elala nowesifazane osesikhathini, embule ubunqunu bakhe, umembulile esesikhathini, naye uzembulile esesikhathini, ngakho-ke bobabili bayonqunywa kubantu bakubo.


Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona.


Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe.


ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.”


“Uma umphristi efika ukuzoyihlola, athole ukuthi isifo asandile endlini emveni kokugudulwa kwayo, umphristi uyakumemezela ukuthi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo siphelile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite