Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 4:40 - IsiZulu 2020

40 Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 Wathi kubo: “Nesabani kangaka na? Kanjani ukuba ningabi nalukholo?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Wathi kubo: “Nesabani kangaka na? Kanjani ukuba ningabi nalukholo?

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 4:40
10 Referans Kwoze  

Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ngubani kanti lo okhuza umoya namanzi, kumlalele na?”


UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu.


Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”


Kepha uJesu ekwazi abakucabangayo, wathi: “Niqagulisana nithini phakathi kwenu, nina bokukholwa okuncane, nithi yingokuba ningenazinkwa na?


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?


Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqanyo akayukuwucima, uyakwenza ukwehlulela ngokweqiniso.


Base beba nokwesaba okukhulu, bakhuluma bodwa, bathi omunye komunye: “Kanti ungubani lo, lokhu ngisho umoya nolwandle kuyamlalela na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite