Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 4:31 - IsiZulu 2020

31 Singawufanisa nenhlamvu yesinaphu, ethi incane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Unjengenhlamvu yesinaphi ethi, nxa ihlwanyelwe emhlabathini, incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Kunjengohlamvu lwesinaphi, okuthi, nxa luhlwanyelwa emhlabathini, lube luncane kuzo zonke izimbewu ezisemhlabeni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kunjengohlamvu lwesinaphi, okuthi, nxa luhlwanyelwa emhlabathini, lube luncane kuzo zonke izimbewu ezisemhlabeni;

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 4:31
30 Referans Kwoze  

Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lasabalala, laba namandla.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zalabo asebekholwa, ezikhona phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho!


Kwanezelwa abaningi abakholwa eNkosini, izinkumbi zabesilisa nabesifazane,


Kodwa abaningi abalizwayo izwi bakholwa, babebalelwa emadodeni ayizi-5 000.


Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.


Ingcosana iyakuba yinkulungwane, omncane abe yisizwe esinamandla; Mina nginguSimakade, ngiyokwenza sisheshe isikhathi sakho.”


Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Wabuye wathi: “Ngabe umbuso kaNkulunkulu siyakuwufanisa nani na? Mzekeliso muni esingawuchaza ngawo na?


kodwa kuthi lapho isihlwanyelwe, ikhule ibe nkulu kunakho konke okumilayo, ibe namagatsha amakhulu; izinyoni zezulu zakhe izidleke emthunzini wayo.”


INkosi yayisithi: “Uma beninokukholwa okungangohlamvu lwesinaphi, beningathi kulesi sihlahla somthombe: ‘Zimbuka, utshaleke olwandle,’ sinilalele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite