Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 4:3 - IsiZulu 2020

3 “Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela;

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 4:3
29 Referans Kwoze  

Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


Kwathi lapho amabele esekhahlela, kwavumbuka ukhula.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’


Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami.


Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”


Umhlwanyeli uhlwanyela izwi.


Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;


Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela.


Ngilaleleni nina abanhliziyo zilukhuni, nina enikude nokulunga.


“Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni.


Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasiphumuzi isandla sakho kuze kuhlwe, ngokuba kawazi ukuthi yiyiphi ezomila; yilena noma yileya, noma zombili zizoba zinhle ngokufanayo.


“Ngakho-ke bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.


Ngakho-ke bantwana, ngizweni, nilalele amazwi aphuma emlonyeni wami.


Lalela-ke, ndodakazi, qaphela, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe ngabantu bakini nangendlu kayihlo,


Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.


Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa:


Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite