Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 2:20 - IsiZulu 2020

20 Kepha izinsuku ziyeza, lapho umyeni ezakususwa kulo; yilapho-ke lizakuzila ngalolo lusuku.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 2:20
29 Referans Kwoze  

Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona.


Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa zigcwele izinhlupheko zokugcina eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikukhombise umlobokazi, umakoti weWundlu.”


Masithokoze, sethabe, futhi simnike udumo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomakoti walo uzilungiselele.


Ngokusebenza nangokukhandleka, ngiqwashile kaningi ebusuku, ngokulamba, ngokoma, ngokuzila ukudla izikhathi eziningi, ngokuququdwa ngamakhaza, nangokuhamba ze.


Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa.


Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.


Sebebakhethele amalunga amabandla ezindaweni ababekuzo, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini abasebekholwa yiyo.


okufanele ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaphrofethi bakhe abangcwele, kusukela emaphakadeni.


Kwathi esekushilo lokho, wakhushulwa bebuka, ifu lamsusa emehlweni abo.


“Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.”


Kepha Mina nginitshela iqiniso: kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngeke eze kini, kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini.


“Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje.


Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.


UJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke,’


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.


Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.


khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.


ekushayweni, ekuboshweni, eziphithiphithini, ekukhandlekeni, ekuqwasheni, ekuzileni ukudla;


Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuba nami njalo.”


UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona.


UJesu wathi kubo: “Kambe ikhetho lingazila yini umyeni esahlezi nalo na? Phinde neze, alisoze lazila uma umyeni esenalo.


Akekho othungela isichibi esingashukekile engutsheni endala, funa lokhu okusha okuchitshelwe ngakho kuklebhule lokhu okudala, bese kwanda ukuklebhuka.


Kepha izinsuku ziyeza lapho umyeni eyakususwa kulo, liyakuzila-ke ngalezo zinsuku.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite