Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 15:34 - IsiZulu 2020

34 Ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloyi, Eloyi, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 15:34
16 Referans Kwoze  

Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okububula kwami nokusindiswa kwami.


Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.


bathi: “UNkulunkulu umshiyile; mxosheni, nimbambe, ngokuba akekho ongamkhulula.”


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kodwa abawafumani, ulimi lwabo lugagadekile wukoma; Mina Simakade ngiyakubaphendula, Mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyukubashiya.


Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha na?”


Waba nombono lapho abona kuwo ngokusobala ingelosi kaNkulunkulu ifika kuye, cishe ngehora lesishiyagalolunye emini, ithi: “Khorneliyu!”


UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho, ngiyawubeka umoya wami.” Esekushilo lokho, wafa.


Kwathi ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Usikhohlweleni isikhathi eside kangaka na? Usilahleleni izinsuku eziningi kangaka na?


Akunithinti yini nina nonke enedlula ngendlela na? Bhekani nibone ukuthi bukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu obehliselwe mina, uSimakade angihluphekise ngabo ngosuku lolaka lwakhe oluvuthayo.


Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Kwase kuyihora lesithathu ngesikhathi embethela esiphambanweni.


Abanye balabo ababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Niyamuzwa-ke, ubiza u-Eliya.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite