Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 14:41 - IsiZulu 2020

41 Wabuyela kubo ngokwesithathu, wathi: “Namanje nisalele, niphumule. Kwanele, selifikile ihora; iNdodana yomuntu isizokhashelwa ezandleni zezoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 14:41
23 Referans Kwoze  

Wayeseqhubeka ibangana, wawa phansi, wathandaza ukuba uma kungenzeka, mawedlule lo mzuzu.


ngokuba wayefundisa abafundi bakhe. Wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuyakuthi isibulewe, ivuke emva kwezinsuku ezintathu.”


UJesu wakhuluma lezi zinto, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile, khazimulisa iNdodana, ukuze iNdodana ikukhazimulise.


Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe.


“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.


UJesu wabaphendula, wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe.


Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo, efundisa ethempelini kodwa akukho muntu owambophayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Ngakho-ke bafuna ukumbopha, kodwa akukho namunye owamubamba, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini omunye phakathi kwenu, odla kanye nami, uzakungikhaphela.”


UJuda Iskariyothe, ongomunye wabali-12, waya kubaphristi abakhulu ukuba akhaphele uJesu kubo.


Wayesethi kubo: “Yebo, nilahla umyalo kaNkulunkulu ukuze nigcine isiko lenu.


“Niyazi ukuthi emuva kwezinsuku ezimbili kuzakuba yiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuze ibethelwe esiphambanweni.”


“ ‘ “Nina ndlu yakwa-Israyeli,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “hambani; kube yilowo nalowo ayokhonza isithombe sakhe, kodwa kamuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginandabani nawe mina? Hamba uye kubaphrofethi bakayihlo nakubaphrofethi bakanyoko.” Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uSimakade uqoqe amakhosi amathathu ukuba awanikele esandleni sabakwaMowabi.”


Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: “Mikhaya, sihambe yini ukuyolwa neRamothi Gileyadi, noma siliyeke na?” Wathi kuyo: “Yenyuka, ube nempumelelo. USimakade uyakulinikela esandleni senkosi.”


Kwathi emini u-Eliya wabachomela, ethi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma uthathe uhambo, noma ulele, udinga ukuvuswa.”


Hambani niyokhala konkulunkulu enizikhethele bona; mabanikhulule ngezikhathi zobunzima benu.”


Waphinde wabuyela kubo, wabafica futhi belele, ngokuba amehlo abo ayesinda ubuthongo; abazanga ukuthi bangamphendula bathini.


Sukumani sihambe. Niyabona-ke, ongikhaphelayo usesondele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite