Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 14:18 - IsiZulu 2020

18 Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini omunye phakathi kwenu, odla kanye nami, uzakungikhaphela.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini, odla nami, uzakungikhaphela.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Kwathi behlezi bedla, uJesu wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu odla lami uzangithengisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kwathi behlezi bedla, uJesu wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu odla lami uzangithengisa.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 14:18
36 Referans Kwoze  

Ngisho nomhlobo wami ebengimethemba, ngimupha ukudla kwami, usengiphendukele.


UJesu wabaphendula, wathi: “Anginikhethanga yini nina enili-12 na? Kepha omunye wenu ungusathane.”


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade.


UJesu waphendula, wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: iqhude ngeke likhale, ungakangiphiki kathathu.”


UJesu esekushilo lokho wakhathazeka emoyeni, wayesefakaza ngokusobala ethi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: omunye wenu uzakungikhaphela.”


Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.


UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha.


Ngakho-ke uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: iNdodana ingenze lutho ngokwayo, ngaphandle kwalokho ekubona kwenziwa nguYise, ngokuba lokho akwenzayo Yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu.


UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.”


kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakhariya, owabulawa phakathi kwe-althare nethempeli. Yebo, ngithi kini: lizakubizwa kulesi sizukulwane.


Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho mphrofethi owemukelekayo ezweni lakubo.


Ngiqinisile ngithi kini: angisayukuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo lusuku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.”


Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”


UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli,


Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”


Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKhristu, ngiqinisile ngithi kini: akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.


Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: kukhona abanye kulaba abemi lapha abangayukufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.”


UJesu wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukunikwa sibonakaliso.”


Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.”


Ngiqinisile ngithi kini: abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza, noma ngabe kungakanani abangahlambalaza ngakho,


besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: omunye wenu uzakungikhaphela.”


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


“Ngakho-ke nxa upha ompofu, ungashayi icilongo utshela abanye, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona, kodwa uma usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, futhi akuyise lapho ungathandi khona.


“Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


Wafika kusihlwa nabali-12.


Baqala ukuba nosizi, bathi kuye ngamunye: “Kungaba yimi na?”


Kepha isandla songikhaphelayo sinami lapha etafuleni.


“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’


Abafundi babhekana bodwa, bengazi ukuthi ukhuluma ngobani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite