Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 13:8 - IsiZulu 2020

8 Ngokuba isizwe siyakuvukela esinye isizwe, nombuso uvukele omunye umbuso. Kuyakuba nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona nendlala. Lokhu kuyakuba ngukuqala kwemihelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala nezinhlupheko; lokhu kungukuqala kwemihelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala nezinhlupheko; lokhu kungukuqala kwemihelo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 13:8
21 Referans Kwoze  

Kepha konke lokho kungukuqala nje kwemihelo.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi lolu wusuku losizi, lokukhankathwa nokwedelelwa. Abantwana sebelungele ukuzalwa, kodwa amandla okubazala awekho.


akhungathwa yingebhe lapho nemihelo, njengokowesifazane otetayo.


Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nogibele kulo wanikwa ukuba ayoqeda ukuthula emhlabeni, ukuze abantu babulalane; wanikwa futhi nenkemba enkulu.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Kwase kusukuma omunye wabo, ogama lakhe kungu-Agabhu, wabikezela ngoMoya ukuthi kuzakubhoka indlala enkulu ezweni lonke, lokho okwenzeka ngesikhathi sikaKlawudiyu.


Kuyakuthi ngalolo lusuku kube khona kubo isiphithiphithi esikhulu esivela kuSimakade. Bayakugxavulana bodwa, umakhelwane abeke isandla umakhelwane wakhe.


ngigumbuqele izihlalo zobukhosi zemibuso, ngiwaqede amandla emibuso yabezizwe, ngiketule izinqola nabagibele kuzo; afumbeke phansi amahhashi nabagibeli bawo, kube yilowo nalowo adliwe yinkemba yomfowabo.


Inkosi yaseBhabhele izwile ngodumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


IDamaseku lidikibele, laphenduka labaleka; ingebhe ilibambile, ukudabuka nobuhlungu kulikhungethe njengowesifazane obelethayo.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bheka, kuzakuphuma inhlekelele esizweni, yedlulele nakwesinye; kuvuswe isivunguvungu esikhulu emikhawulweni yomhlaba.”


Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?


Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.


“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa, umfowabo alwe nomfowabo, umakhelwane alwe nomakhelwane, umuzi ulwe nomuzi, nombuso ulwe nomunye umbuso.


Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi uZiyoni ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi: “Maye, kimi! Ngokuba umphefumulo wami udangele, phambi kwababulali bami.”


Isizwe sasicoboshiswa ngesinye isizwe, nomuzi ngomunye umuzi, ngokuba uNkulunkulu wabahlupha ngezinhlupho eziningi.


USimakade Wamabandla uyokuhambela ngokushesha nangokuduma, nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho nangelangabi lomlilo oqothulayo.


Kepha nxa nizwa ngezimpi nemibiko ngezimpi, ningakhathazeki; kumele ukuba lokho kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki.


“Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite