Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 13:24 - IsiZulu 2020

24 “Kodwa ngalezo zinsuku, selwedlule lolo sizi, ilanga liyakufiphazwa, inyanga ingakhanyi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 13:24
20 Referans Kwoze  

Ngokuba izinkanyezi zezulu nomthala akuyukukhanya; ukukhanya kwakho kuyofiphala, ilanga liyoshona entathakusa, nenyanga lapho iphuma ayiyukukhanya.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.


Ngabe usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya, luyisigayegaye esingenakho ukukhanya na?


Ilanga nenyanga kuyakuba mnyama bhuqe, izinkanyezi zikugodle ukukhanya kwazo.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


nilindele futhi nimagange ngokufika kosuku lukaNkulunkulu okuyakuthi ngalo, amazulu adunqiswe ngomlilo abhubhe, konke kushe kungqongqe, kuncibilike.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, isibhakabhaka sithuthumele phambi kwabo. Ilanga nenyanga kuyakubamnyama bhuqe, nezinkanyezi zigodle ukukhanya kwazo.


“Ngaleso sikhathi uyakuvela uMikhayeli, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi. Ngalezo zinsuku abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.


Kuyakuthi lapho sengiqeda nya ngawe, ngisibekele amazulu, ngenze izinkanyezi zawo zibe mnyama, ngilemboze ngefu ilanga, nenyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu liyakuba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, nginqumile; anginakuguquka, anginakuphenduka kulokhu.”


Kepha nina qaphelani; nginixwayisile ngalezi zinto.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite