Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 12:24 - IsiZulu 2020

24 UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 UJesu waphendula, wathi kubo: “Aniduki ngalokho, ngokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJesu waphendula, wathi kubo: “Aniduki ngalokho, ngokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 12:24
25 Referans Kwoze  

ngokuba bebengakawuqondi umbhalo othi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.


nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu,


NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.


Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.


Laba babengcono kunabaseThesalonika, ngokuba balemukela izwi ngenhliziyo yonke, behlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.


UJesu wababuka, wayesethi kubo: “Lokho akunakwenzeka kubantu, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu konke kungenzeka.”


Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.


Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


Noma ngimlobele okuningi komthetho wami, kodwa lokho bakubona njengento abayeshwamayo.


Ekuvukeni, mhla bevuswayo, uyakuba ngumkabani kubo, lokhu bonke abayisikhombisa ubengumkabo na?”


Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite