Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 12:2 - IsiZulu 2020

2 Ngesikhathi sokuvuna, wathumela inceku kubalimi ukuba ilande kubalimi izithelo zesivini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngesikhathi esifaneleyo wathumela inceku kubalimi, ukuze yamukele kubalimi esithelweni sesivini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngesikhathi esifaneleyo wathumela inceku kubalimi, ukuze yamukele kubalimi esithelweni sesivini.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 12:2
18 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi.


Ngesikhathi sokuvuna wathumela inceku kubalimi, ukuba bamnike ezithelweni zesivini. Kepha abalimi bayishaya, bayibuyisela emuva ilambatha.


Kepha leyo eyenze okungafanele ngenxa yokungazi, iyakushaywa imivimbo embalwa. Yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakufunwa okuningi kuye, nophathiswe okuningi, kuyakubizwa okuningi kakhulu kuye.”


Kwathi sekusondele isikhathi sokuvuna, wathumela izinceku zakhe kubalimi ukuba zilande izithelo zakhe.


Akusiwo yini amazwi lawa uSimakade awamemezela ngesandla sabaphrofethi bakuqala, lapho iJerusalema lalihleli ngokuthula, imizi yalo elizungeze nxazonke, iNegevu namagquma kwakuhleli ngokuthula na?’ ”


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


Ngathumela izinceku zami, abaphrofethi, ngibathuma ngiphindelela, ngithi: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; yikhona niyakuhlala ezweni engalinika nina nokhokho benu.” “ ‘Kepha aniyibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


owasiyala ngayo ngomlomo wezinceku zakho, abaphrofethi, uthi: ‘Izwe eningena kulo ukulidla lingcoliswe ngukungcola kwabantu bezizwe ngamanyala abo. Baligcwalise ngokungcola kusukela kulo mngcele kuya kuloya.


USimakade uNkulunkulu wokhokho babo wathumela izithunywa zakhe ephindelela, ngokuba wayenozwelo ngabantu bakhe nangendawo ahlala kuyo.


Nokho uSimakade wayemxwayisile u-Israyeli noJuda ngomlomo wabo bonke abaphrofethi nababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami, nenze wonke umthetho engabayala ngawo okhokho benu, nengawuthumela kini ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi.”


UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe.


Bayibamba, bayishaya, bayibuyisela emuva ilambatha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite