Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 10:39 - IsiZulu 2020

39 Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Yebo, isitsha engisiphuzayo niyakusiphuza, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Basebesithi kuye: Singakwenza. UJesu wasesithi kubo: Isitsha engisinathayo mina lizayinatha; nangombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina niyakubhapathizwa ngawo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Basebesithi kuye: Singakwenza. UJesu wasesithi kubo: Isitsha engisinathayo mina lizayinatha; nangombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina niyakubhapathizwa ngawo;

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 10:39
10 Referans Kwoze  

Mina Johane, umzalwane wenu nomhlanganyeli kanye nani ezinhluphekweni, nasembusweni nasekubekezeleni kuJesu, ngangisesiqhingini okuthiwa iPhatmose, ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.


Wabulala ngenkemba uJakobe umfowabo kaJohane.


Manje ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu, ngokuba ngigcwalisa okusileleyo ezinhluphekweni zikaKhristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe oyibandla,


Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba.


Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu.


UPhethro wayesethi kuye: “Nkosi, kungani ngingekulandele manje na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.”


Wathi: “Abba, Baba! Konke kungenzeka kuwe. Susa kimi lesi sitsha, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kepha njengokuba Wena uthanda.”


Kepha uPhethro wagcizelela ngamandla, wathi: “Noma ngabe kubiza ukuba ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho kanjalo bonke.


Kwanele uma umfundi enjengomfundisi wakhe, nenceku injengenkosi yayo. Uma umninindlu bembize ngokuthi uBhelzebhule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe.


babhabhadiswa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite