Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 10:30 - IsiZulu 2020

30 ongayukwemukeliswa ngekhulu manje kulesi sikhathi: izindlu, abafowabo, odadewabo, onina, abantwana, amasimu, nokuhlushwa; esikhathini esizayo ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Kodwa izakwemukeliswa kayikhulu khathesi ngalesisikhathi, izindlu, labafowabo, labodadewabo, labonina, labantwana, lamasimu, kanye lokuzingelwa; nasezweni elizayo ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kodwa izakwemukeliswa kayikhulu khathesi ngalesisikhathi, izindlu, labafowabo, labodadewabo, labonina, labantwana, lamasimu, kanye lokuzingelwa; nasezweni elizayo ukuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 10:30
32 Referans Kwoze  

Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,


ongayukukwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi, esikhathini esizayo, ukuphila okuphakade.”


njengabadabukileyo, kodwa sithokoza njalo, njengabampofu, kepha sibe sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide, nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo!


Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.


Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,


Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.


U-Amaziya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Pho manje sizokwenzenjani ngamathalenta ayikhulu engikhokhele ngawo impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wathi: “USimakade unamandla okukunika okuningi kunalokho.”


Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.


Sengathi iNkosi yethu uJesu Khristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.


Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa nangezinhlupheko, sazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukubekezela,


Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele.


UJesu wayehamba ethempelini, emphemeni kaSolomoni.


Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho, kodwa ube ucebile, nenhlamba yalabo abathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yathela izithelo, ngekhulu, ngama-60 nangama-30.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite