Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 10:27 - IsiZulu 2020

27 UJesu wababuka, wayesethi kubo: “Lokho akunakwenzeka kubantu, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu konke kungenzeka.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 UJesu wababheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJesu wababheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 10:27
15 Referans Kwoze  

Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”


“Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na?


“Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa.


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


Kepha uJesu wathi kubo: “Okungenzeki kubantu, kungenzeka kuNkulunkulu.”


wabona ukuthi uNkulunkulu unamandla okuvusa kwabafileyo; ngokungathekisa singathi wabuye wayithola indodana yakhe kungathi ivela kwabafileyo.


NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Nakuba kuyakuba yisimangaliso lapho insali yalaba bantu izibonela ngawayo amehlo ngalezo zinsuku; ngabe kuyakuba yisimangaliso yini nakimi uma ngizibonela ngawami amehlo na?” kusho uSimakade Wamabandla.


Induna yenkosi eyayiyisethenjwa yamphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Uma uSimakade enza amafasitela ezulwini, lokhu kungenzeka kanjani na?” Wathi: “Uyakukubona ngamehlo akho, kodwa ungakudli.”


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


“Lokho kulula phambi kukaSimakade, uyakubanikela esandleni senu abakwaMowabi.


Bamangala kakhulu, omunye wathi komunye: “Pho ngubani ongasindiswa na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite