Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 10:24 - IsiZulu 2020

24 Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu!

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 10:24
28 Referans Kwoze  

Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.


Ngokuba uthi: “Ngicebile, nginomnotho omningi, angiswele lutho,” kanti kawazi ukuthi nguwe kanye olusizi, odabukisayo, ompofu, ophuphuthekayo nohamba ze.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


Ingcebo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.


Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo.


“Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Maye, kulowo ozuzela indlu yakhe ngokungalungile inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuze azihlenge esandleni senhlekelele!


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Usathi phayiphayi amehlo, akusekho, ngokushesha sekumile amaphiko njengokhozi, kwajubalalela emazulwini.


nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.


Bantwanyana, dedani ezithombeni ezibaziweyo.


Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.


Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini;


UJesu wathi kubo: “Bantwana, aninakho yini ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.”


Lapho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho, bathi: “Leli lizwi lilukhuni, pho ngubani ongaliqonda na?”


Sebekuzwile lokhu abafundi, bamangala kakhulu, bathi: “Pho ngubani-ke ongasindiswa na?”


Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.”


UJesu waqalaza, wayesethi kubafundi bakhe: “Maye, kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite