Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaMarku 10:2 - IsiZulu 2020

2 Kwase kusondela abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo. Babemlinga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Kwasekusiza kuye abaFarisi, bambuza bathi: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo? emlinga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwasekusiza kuye abaFarisi, bambuza bathi: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo? emlinga.

Gade chapit la Kopi




NgokukaMarku 10:2
25 Referans Kwoze  

Babekusho lokhu bemlinga, ukuze babe notho lokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Masingamlingi uKhristu njengokuba abanye babo bamlinga, babhujiswa yizinyoka.


Abaphristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo ukuthi ukuphi, ababikele, ukuze bambambe.


Ngakho-ke abaphristi abakhulu nabaFarisi babiza umkhandlu, bathi: “Sizokwenzenjani ngokuba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi na?


Ukhona yini ezikhulwini noma kubaFarisi oke wakholwa nguye na?


AbaFarisi bezwa isixuku sivungazela ngaye ngalokho; abaphristi abakhulu nabaFarisi base bethumela izinceku ukuba zimbophe.


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


INkosi uJesu yayisithi kuye: “Nina baFarisi nigeza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ubugovu nokonakala.


Kepha abaFarisi nezazimthetho abayemukelanga inhloso kaNkulunkulu emaqondana nabo, benqaba ukubhabhadiswa nguye.


Izazimthetho nabaFarisi babeqaphile ukuthi uzakuphulukisa yini ngesabatha, ukuze bathole utho abangambeka icala ngalo.


AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”


Wayesebayala ethi: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nekaHerode.”


Kwafika kuye abaFarisi, baqala ukuqophisana naye, befuna isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.


Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi:


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”


AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini.


Kwase kusondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bathe bangalizwa lelo lizwi, bakhubeka na?”


Kepha abaFarisi, bathi: “Ukhipha amadimoni ngombusi wamadimoni.”


“USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Phela ngiyasizonda isehlukaniso, nozimbathisa ngobudlova bube yingubo yakhe,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. Ngalokho-ke qaphelani emoyeni wenu ukuba ningakhohlisi.


UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni.


Kepha waphendula, wathi kubo: “Kanti uMose waniyala wathini na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite