Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 9:11 - IsiZulu 2020

11 Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Kwathi isixuku sekwazi lokho, samlandela;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwathi isixuku sekwazi lokho, samlandela;

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 9:11
21 Referans Kwoze  

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


ngokuba noKhristu akazithokozisanga Yena, kodwa njengokulotshiwe ukuthi: “Inhlamba yabakuthukayo yehlela phezu kwami.”


Kepha bayakukhuleka kanjani kulowo abangakholwa nguye na? Bayakukholwa kanjani kuye bengezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani kungekho oshumayelayo na?


eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.


Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle.


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.


Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo.


Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.


Emveni kwalokho, uJesu wahamba ephuma engena emizini nasemizaneni, ememezela, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu. Abali-12 babenaye.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa labo abagulayo kuphela.


Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela.


“Ngalokho-ke ngithi kini: niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.


“Iyiphi kula madodana amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: abathelisi nezifebe bangena ngaphambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.


Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Ngakho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKhristu.


Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke.


Sebebuyile abaphostoli, bamlandisa ngakho konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo ngasese, baya emzini okuthiwa yiBhethsayida.


Kuthe seliyozilahla kunina, abafundi abali-12 beza kuye, bathi: “Baxoshe abantu baye emizaneni nasemakhaya azungezileyo, bangenise khona, ukuba bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite