Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 9:1 - IsiZulu 2020

1 UJesu esebabizele kuye abali-12, wabanika amandla negunya lokukhipha amadimoni nokuphilisa abagulayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Wasebizela ndawonye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke, nokuphulukisa izifo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wasebizela ndawonye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke, nokuphulukisa izifo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 9:1
15 Referans Kwoze  

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.


Niyabona, ngininike igunya lokunyathela izinyoka nawofezela, naphezu kwamandla wonke esitha; akukho lutho oluyakunilimaza.


wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”


Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni, kuyakube kuboshiwe nasezulwini; nalokho oyakukukhulula emhlabeni kuyakube kukhululiwe nasezulwini.”


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


UPhethro wathi kuye: “Eneya, uJesu uKhristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka ngokushesha.


Ngokukholwa egameni lakhe lo enimbonayo nenimaziyo, yigama lakhe elimenze waqina, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.


Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.


Ngokuba nami ngingumuntu ophansi komthetho, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami ngithi: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”


Sekwedlule konke lokho, iNkosi yakhetha abanye abangama-70, yabathumela ngababili ukuba bayandulele, baye emizini nasezindaweni zonke ezakuya kuzo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite