Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 8:6 - IsiZulu 2020

6 Enye yawela edwaleni; yamila, kodwa yasheshe yabuna, ngokuba kwakungekho mswakama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Enye yawela edwaleni; kwathi nje imila yabuna, ngoba yayintula umswakama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Enye yawela edwaleni; kwathi nje imila yabuna, ngoba yayintula umswakama.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 8:6
14 Referans Kwoze  

Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke.


Uma kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni.”


Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,


Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake umoya omusha ezibilinini zenu, ngiyikhiphe inhliziyo yetshe emzimbeni wenu, ngininike inhliziyo yobuntu.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Ngiyakubanika inhliziyo ibe yinye, ngifake umoya omusha ezibilini zabo. Ngiyakuyikhipha inhliziyo yetshe kubo, ngibanike inhliziyo yenyama,


“Kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni; yanyathelwa, zayidla nezinyoni zezulu.


Enye yawela phakathi kwameva; akhula kanye nayo, ayiminyanisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite