Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 8:1 - IsiZulu 2020

1 Emveni kwalokho, uJesu wahamba ephuma engena emizini nasemizaneni, ememezela, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu. Abali-12 babenaye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi ngasemuva wahamba imizi ngemizi nemizana, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, nabayishumi nambili babenaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngasemuva wahamba imizi ngemizi nemizana, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, nabayishumi nambili babenaye.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 8:1
18 Referans Kwoze  

Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


“Nathi sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kokhokho,


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni.


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abali-12, wahamba lapho wayofundisa, futhi eshumayela emizini yakubo.


UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke.


Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.


Baphuma-ke, badabula imizi ngemizi, bevangela, futhi bephilisa abagulayo ezindaweni zonke.


Kwathi ngolunye usuku uJesu efundisa abantu ethempelini futhi eshumayela ivangeli, abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga, bamvukela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite