Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 6:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha uJesu ekwazi abakudlinzayo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma ume phakathi nendawo.” Yasukuma, yema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kodwa yena wayeyazi imicabango yabo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma wema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa yena wayeyazi imicabango yabo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma wema.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 6:8
19 Referans Kwoze  

Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?


Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona,


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu.


Ngokuba iNkosi engikhuluma kuyo ngokukhululeka iyakwazi lokho, angikholwa ngukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekileyo kuyo, lokhu akwenziwanga ekusithekeni.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Kufanele senze imisebenzi yongithumileyo kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho ongasebenza khona.


Wayengadingi futhi ukuba atshelwe ngomuntu, lokhu wayekwazi okungaphakathi kumuntu.


Kepha uJesu eyazi imidlinzo yabo, waphendula, wathi kubo: “Nidlinzelani ezinhliziyweni zenu na?


Akayukudangala, aphele amandla, aze amise ubulungiswa emhlabeni; neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.”


ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.


“Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa.


Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe yini ukwenza okuhle noma okubi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala na?”


UJesu wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi nendawo.”


UJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, usuphilisiwe ekuguleni obunakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite