Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 4:6 - IsiZulu 2020

6 USathane wathi kuye: “Ngiyakukunika wonke lawa mandla nenkazimulo yawo, ngokuba kunikwe mina, futhi ngikunika noma ngubani ngokuthanda kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 4:6
15 Referans Kwoze  

lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli,


Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi,


Manje sekungukwehlulelwa kwalo mhlaba. Manje-ke umbusi walo mhlaba uzakuxoshwa.


Siyazazi ukuthi thina singabakaNkulunkulu, nokuthi umhlaba wonke ubuswa ngamandla obubi.


Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe. Sanikwa futhi igunya phezu kwemindeni yonke, abantu, izilimi, nezizwe.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”


Nokho akumangalisi, ngokuba noSathane waziguqula wazenza ingelosi yokukhanya.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


NguSimakade Wamabandla ocebe lokho, ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


Ngalokho indawo yabafileyo inwebe umphimbo wayo, yakhamisa umlomo ngokungenamkhawulo; abahloniphekileyo, nesixuku esixokozelayo, nabajabulayo phakathi kwabo, behlela kuyo.


waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.


Ngakho-ke uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite