Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 4:2 - IsiZulu 2020

2 walingwa nguSathane izinsuku ezingama-40. Akadlanga lutho ngalezo zinsuku; kuthe seziphelile, walamba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 4:2
16 Referans Kwoze  

Wavuka, wadla waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, waya entabeni kaNkulunkulu, iHorebhe.


Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.


Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


Njengalokhu Yena uqobo wahlupheka elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.


Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi.


Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


“Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa.


Kepha ekuseni, ekhuphukela emzini, walamba.


Kwathi esezile ukudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ekugcineni walamba.


Yamemezela eNineve ngokwesimiso senkosi nezikhulu zayo, yathi: “Makungabi bikho muntu nemfuyo, mhlambi wankomo, namvu, nambuzi okuzodla noma namanzi,


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Njalo ekuseni nakusihlwa umFilisti wayephuma, ame, kwaze kwaba yizinsuku ezingama-40.


“Ngakhothama ngathi mbo ngobuso phambi kukaSimakade, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngokuba uSimakade wayethe uzonibhubhisa.


UMose wangena phakathi efini, wakhuphukela entabeni, wayesentabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40.


Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


USathane wayesethi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli litshe ukuba libe yisinkwa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite