Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 3:7 - IsiZulu 2020

7 Ngakho-ke wayesethi ezixukwini eziza kuye ukuba azibhabhadise: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayisile ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngakho-ke wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Khona wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela ulaka oluzayo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khona wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela ulaka oluzayo na?

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 3:7
12 Referans Kwoze  

“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.


Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Bachamsele amaqanda ebululu, baluka ubulwembu besicabucabu; odla amaqanda abo uyokufa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.


Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


Owenza isono, ungokaSathane, ngokuba uSathane wona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze iyiqede iphele nya imisebenzi kaSathane.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


babhabhadiswa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite