Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 3:11 - IsiZulu 2020

11 UJohane waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili, makaphe ongenangubo, nonokudla enze kanjalo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akabele ongenalutho; nalowo odlayo makenze ngokunjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akabele ongenalutho; nalowo odlayo makenze ngokunjalo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 3:11
22 Referans Kwoze  

Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?


Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane.


Esekuzwile lokho, uJesu wathi kuye: “Kunye kuphela okusakusalele: thengisa ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.”


Kepha uma umuntu, ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga. Ngokuba lowo ongamthandi umzalwane wakhe ambonayo angemthande uNkulunkulu angambonanga.


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Kepha-ke lokho okungaphakathi kupheni abampofu, konke kuzakube kuhlambulukile kini.


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


yathi: ‘Khorneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho, kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.


Wayigqolozela enovalo, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi na?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile, kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.


Wayengumuntu okholwayo nomesabayo uNkulunkulu kanye nabendlu yakhe yonke. Wayabela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu engaphezi.


Abanye babecabanga ukuthi kungenxa yokuba uJuda wayengumgcinisikhwama, ngakho uJesu, wayethi kuye: “Thenga esikusweleyo koMkhosi,” noma ukuthi makabele abampofu okuthile.


Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.”


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,


Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite