Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 23:5 - IsiZulu 2020

5 Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Baqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqala eGalile waze wafika lapha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Baqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqala eGalile waze wafika lapha.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 23:5
24 Referans Kwoze  

Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.


Ngangomuso uJesu wanquma ukuya eGalile. Wafica uFiliphu, wathi kuye: “Ngilandele.”


Emva kokuboshwa kukaJohane, uJesu wafika eGalile; washumayela ivangeli likaNkulunkulu,


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini.


Niyalazi izwi elamenyezelwa kulo lonke iJudiya, elaliqale eGalile, emva kombhabhadiso ayewushumayele uJohane.


Base bekhamuluka ngezwi elikhulu, bavala izindlebe, bamthelekela kanyekanye,


Bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo.


Kuthe sebekuzwile lokho bathukuthela, bafuna ukubabulala.


Kepha bamemeza, bathi: “Msuse, msuse, mbethele esiphambanweni!” Wathi kubo uPilatu: “Ngibethele inkosi yenu na?” Abaphristi abakhulu baphendula, bathi: “Asinayo inkosi, kuphela uKhesari.”


Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile yini na? Hlolisisa kahle umbhalo, ubone ukuthi akukho mphrofethi ovela eGalile.”


Abanye bathi: “Lo muntu unguKhristu.” Kepha abanye babethi: “Kanti uKhristu uvela eGalile yini na?


Kepha bamcindezela bememeza kakhulu, befuna ukuba abethelwe. Kwaphumelela ukumemeza kwabo.


Kuthe ephuma lapho, izazimthetho nabaFarisi baqala ukumthukuthelela kakhulu. Base bemxina ngemibuzo ngezinto eziningi;


Kuthe uPilatu esebona ukuthi akukho angakwenza, futhi sekuqala isiyaluyalu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”


Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.


Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.


UJesu esezelwe eBhethlehema eJudiya ngezinsuku zokubusa kukaHerode inkosi; bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zathi:


Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abali-12, wahamba lapho wayofundisa, futhi eshumayela emizini yakubo.


UPilatu esezwa lokho wabuza ukuthi lo muntu ungowaseGalile yini na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite