Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 18:5 - IsiZulu 2020

5 kodwa-ke ngokuba lo mfelokazi ulokhu engibelesele, ngizakumenzela ubulungiswa, funa ekugcineni angicasule.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 nokho-ke ngokuba lo mfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 nokho ngokuba lo mfelokazi engikhathaza, ngiyakumphindisela, funa angidinise ngokuza kwakhe njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 nokho ngokuba lo mfelokazi engikhathaza, ngiyakumphindisela, funa angidinise ngokuza kwakhe njalo.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 18:5
9 Referans Kwoze  

Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo.


Ababehamba ngaphambili bayikhuza ukuba ithule, kodwa kwayilapho isho kakhulu ngengila, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”


Ekugcineni, emva kokumcindezela ngamazwi usuku nosuku, embelesele, waze wacikeka kakhulu uSamsoni.


Kepha akamphendulanga ngazwi. Kwase kusondela kuye abafundi bakhe, bamncenga bathi: “Mmukise, ngokuba uyakhala emva kwethu.”


Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu egqigqa, ethi kuye: ‘Ngenzele ubulungiswa maqondana nomelene nami.’


Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina luqobo, kuthiwe angifanele.


Bangithumelela umyalezo ofanayo kwaze kwaba amahlandla amane, nami ngilokhu ngibabuyisela impendulo efanayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite