Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 16:9 - IsiZulu 2020

9 Nami ngithi kini: zenzeleni nina abangani ngomamona ongalungile, ukuze kuthi nxa esephelile, banemukele emakhaya aphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona* ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abangane ngoMamona ongalungile; ukuze kuthi, nxa niphela, banamukele ezindlini eziphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abangane ngoMamona ongalungile; ukuze kuthi, nxa niphela, banamukele ezindlini eziphakade.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 16:9
28 Referans Kwoze  

UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.”


“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


Ngakho uma ningathembekile ekuphatheni umcebo ongalungile, pho ngubani oyakuniphathisa umcebo woqobo na?


Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.


uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.”


Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.


Kepha-ke lokho okungaphakathi kupheni abampofu, konke kuzakube kuhlambulukile kini.


Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.


“Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu nengcebo.”


yathi: ‘Khorneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho, kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.


“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.


nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade.


Wayigqolozela enovalo, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi na?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile, kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.


Phonsa isinkwa sakho emanzini, ngokuba uzosithola emva kwezinsuku eziningi.


Usathi phayiphayi amehlo, akusekho, ngokushesha sekumile amaphiko njengokhozi, kwajubalalela emazulwini.


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuze lapho sengikhishiwe ebuduneni, bangamukele ezindlini zabo.’


Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo, umgexo weziwula ungubuwula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite