Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 16:8 - IsiZulu 2020

8 “Inkosi yayibabaza induna engathembekile, ngokuba yenza ngokuhlakanipha, ngokuba abantu balesi sikhathi esizukulwaneni sabo bahlakaniphile kunabantwana bokukhanya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Inkosi yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenze ngokuhlakanipha, ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 16:8
23 Referans Kwoze  

ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama.


Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,


“Othembekile kokuncinyane, uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane, kalungile nakokukhulu.


Nisenokukhanya, kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantu bokukhanya.” UJesu washo lokhu wamuka kubo, wafihleka kubo.


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuze lapho sengikhishiwe ebuduneni, bangamukele ezindlini zabo.’


Masibaphathe ngesihluku, ngaphandle kwalokho bazokwanda kakhulu, bese kuthi uma kusuka impi bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, qede bahambe kuleli lizwe.”


Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”


UJesu wathi kubo: “Abantu balesi sikhathi bayaganwa, bayendiswa.


nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.


U-Amnoni wayenomngani, ogama lakhe kunguJonadaba, indodana ka-Shimeya, umfowabo kaDavide. UJonadaba wayengumuntu onobuqili obukhulu.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.


Makungabi bikho ozikhohlisayo: uma kukhona umuntu phakathi kwenu othi uhlakaniphile kulesi sikhathi, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


INkosi yayisithi: “Lalelani-ke ukuthi wathini umehluleli okhohlakeleyo.


Wathi: “Ebafokazini.” UJesu wayesethi kuye: “Ngakho-ke amadodana akhululekile ukungayikhokhi.


Ngakho-ke, ngibizeleni bonke abaphrofethi bakaBhali, zonke izinceku zakhe, nabo bonke abaphristi bakhe, kungasali namunye, ngokuba nginomhlatshelo omkhulu kaBhali; bonke abangekho lapha abayukuphila.” Kepha uJehu wenza lokhu ngobuqili ukuze abhubhise izinceku zikaBhali.


Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo.


“Yayisithi komunye: ‘Wena-ke ukweleta okungakanani na?’ “Wathi: ‘Izilinganiso eziyikhulu zikakolo.’ “Yathi kuye: ‘Thatha incwadi yakho yesikweletu, ubhale ezingama-80.’


Kepha labo okuzakuthiwa bafanele ukufinyelela kwelizayo nasekuvukeni kwabafileyo, kabaganwa futhi kabendiswa.


Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe, kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite