Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 16:2 - IsiZulu 2020

2 Wayibiza wathi kuyo: ‘Yini le engiyizwayo ngawe na? Ngilandise ngobunceku bakho, ngokuba ngeke usaqhubeka ukuba yinduna.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wambiza, wathi kuye: ‘Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? Landa ngobuphathi bakho, ngokuba ungebe usaba ngumphathi.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Wambiza wathi kuye: “Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? landisa ngobuphathi bakho; ngoba ungabe usaba ngumphathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wambiza wathi kuye: “Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? landisa ngobuphathi bakho; ngoba ungabe usaba ngumphathi.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 16:2
23 Referans Kwoze  

Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Yilowo nalowo ngokwesipho asemukelisiwe, makakhonze abanye njengezinceku ezinhle zomusa kaNkulunkulu owehlukahlukene.


Kepha bayakuziphendulela kulowo olungele ukwehlulela abaphilayo nabafileyo.


Izono zabanye abantu zisobala, ziyabandulela, zibaholele ekwehlulelweni, kodwa abanye ziyabalandela.


Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.


Ungasidebeseli isiphiwo sakho, owasiphiwa ngezwi elaphrofethwa, nangokubeka izandla ngamalunga.


Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo.


Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu.


Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.


INkosi yaphendula yathi: “Iyiphi inceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyakuyibeka ukuba yengamele abendlu yayo, ibabele isabelo sokudla ngesikhathi esifaneleyo na?


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


Kepha ngithi kini: amazwi wonke ayize akhulunywa ngabantu, bayakulanda ngawo ngomhla wokwehlulelwa.


“Kusihlwa, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uziholele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’


UJesu wayesekhuluma futhi kubafundi bakhe, ethi: “Kwakukhona umuntu othile oyisicebi, owayenenduna; yamangalelwa kuye ngokuthi isaphaza impahla yakhe.


“Yayisicabanga induna, ithi: ‘Ngizakwenzenjani, lokhu inkosi yami ingiyekisa ukuba yinduna na? Anginamandla okulima, futhi nginamahloni okunxiba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite