Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 13:7 - IsiZulu 2020

7 Wayesethi kosebenza esivinini: ‘Phela sekuyiminyaka emithathu ngifika ngizofuna amakhiwane kulo mkhiwane, kodwa ngingatholi lutho. Ngakho-ke wunqume: kungani ulokhu ugugisa umhlabathi na?’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; uwuthelelelani umhlabathi?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; uwuthelelelani umhlabathi?

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 13:7
11 Referans Kwoze  

Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.


“Izembe selivele libekiwe ezimpandeni zemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli isithelo esihle, iyakunqunywa, iphonswe emlilweni.”


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.


Ngakho-ke ngiyeke ukuze ulaka lwami lubavuthele, ngibaqede nya, wena ngikwenze ube yisizwe esikhulu.”


Wamemeza kakhulu, esho kanje, ethi: ‘Gawula isihlahla, unqume amagatsha aso, uvuthulule amaqabunga aso, uhlakaze izithelo zaso. Izilwane mazisuke phansi kwaso, nezinyoni emagatsheni aso.


“ ‘Uma senifikile ezweni, niyotshala izinhlobonhlobo zemithi edliwayo, kuthi izithelo zayo nizithathe njengokungasoki kwayo iminyaka emithathu zibe njengezingasokiwe kini: aniyukuzidla.


khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngonyaka wesithupha, ukuze uthele ukudla kweminyaka emithathu.


“Kepha waphendula, wathi: ‘Nkosi, ake uwuyeke nakulo nyaka, ngize ngimbe umhlabathi emaceleni awo, ngithele umquba;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite