Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 1:2 - IsiZulu 2020

2 njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi;

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 1:2
25 Referans Kwoze  

Nani niyakufakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.”


Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho.


Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Isiqalo sevangeli elimayelana noJesu Khristu, iNdodana kaNkulunkulu.


Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.


Ngakho-ke ngiyawagqugquzela amalunga aphakathi kwenu, mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKhristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwembulwa, ngithi:


ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”


Nina-ke ningofakazi balezi zinto.


Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKhristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Umhlwanyeli uhlwanyela izwi.


ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.


Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.


Kepha nginitshelile ngalezo zinto ukuze kuthi lapho sekufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela ngazo; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.”


Abahlakazekileyo bahamba beshumayela izwi levangeli.


Kwathi sebelikhulumile izwi ePherge, behlela e-Athaliya.


Badabula eFrigiya naseGalathiya, kodwa uMoya oNgcwele wabanqabela ukukhuluma izwi e-Asiya.


Laba babengcono kunabaseThesalonika, ngokuba balemukela izwi ngenhliziyo yonke, behlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite