Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




NgokukaLuka 1:15 - IsiZulu 2020

15 Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina.

Gade chapit la Kopi




NgokukaLuka 1:15
22 Referans Kwoze  

“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esibelethweni ngakungcwelisa, ngakuqoka ukuba ube ngumphrofethi ezizweni.”


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe,


Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.


“Ngokuba uJohane uMbhabhadisi wafika engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nathi: ‘Unedimoni.’


Ngalolo lusuku uSimakade wamphakamisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abantu bakwa-Israyeli; bamesaba njengoba babesaba uMose izinsuku zonke zokuphila kwakhe.


“Ngithi kini: akukho namunye kwabazelwe ngowesifazane omkhulu kunoJohane, kepha omncinyane embusweni kaNkulunkulu, mkhulu kunaye.”


Nganginawe noma kuphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho. Ngiyakwenza igama lakho libe njengamagama abakhulu abasemhlabeni.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose.


USimakade Wamabandla uyakubavikela, bayakudla, banyathele amatshe endwayimane. Bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele, nanjengamakhona e-althare.


Nguwe owangihlenga esibelethweni ngaze ngazalwa, wangikhoselisa, ngavikeleka esifubeni sikamame.


Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, Wena uyabusa phezu kwakho konke. Esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, ukukhulisa nokunika bonke amandla.


UJakobe akavumanga, kodwa wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uzokuba yisizwe, abe mkhulu. Nokho umnawakhe u-Efrayimi uzokuba mkhulu kunaye, izizukulwane zakhe zibe yizizwe eziningi.”


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe.


“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho, nxa ningena ethendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.


Kepha, bathi: “Asiliphuzi iwayini, ngokuba uJonadaba, indodana kaRekhabhi, ukhokho wethu, wasiyala, wathi: ‘Ningaliphuzi iwayini, nina namadodana enu, kuze kube phakade.


Uzakujabula uthokoze ngaye; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite