Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 9:4 - IsiZulu 2020

4 UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 UJesu eyazi imicabango yabo wathi: “Nizindlani okubi ezinhliziyweni zenu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJesu eyazi imicabango yabo wathi: “Nizindlani okubi ezinhliziyweni zenu na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 9:4
24 Referans Kwoze  

Kepha uJesu ekwazi abakudlinzayo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma ume phakathi nendawo.” Yasukuma, yema.


UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze, yingakho sikholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.”


Kepha Yena eyazi imicabango yabo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa, uyakuchithwa; nendlu ehlukene yodwa, iyakuwa.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.


ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.


Kepha uPhethro wathi kuye: “Kungani nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Uyabona-ke, izinyawo zabangcwabe umyeni wakho zisemnyango, nawe-ke bazakukukhiphela phandle.”


UJesu wayazi ukuthi bebefuna ukumbuza, wayesethi kubo: “Ngabe nibuzana ngalokho engikushilo yini, ngathi: ‘Kusezakuba yisikhashana, ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone’ na?


Kepha bakhona abanye kini abangakholwayo.” UJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi ngobani abangakholwayo, nokuthi ngubani ozakumkhaphela.


Kepha uJesu, azi ukuthi abafundi bakhe bayakhononda ngalokho, wathi kubo: “Ngabe lokho kuyanicasula yini na?


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Kepha uJesu eyazi imidlinzo yabo, waphendula, wathi kubo: “Nidlinzelani ezinhliziyweni zenu na?


Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.”


UJesu wakwazi ngaleso sikhathi emoyeni wakhe ezazidlinza ngakho, wayesethi kuzo: “Nidlinzelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?


UJesu wamphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukutshela khona.” Wathi: “Mfundisi, ngitshele.”


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite