Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 8:5 - IsiZulu 2020

5 Kwathi lapho uJesu engena eKhaphernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamnxusa,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi:

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kwathi uJesu esengenile eKapenawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwathi uJesu esengenile eKapenawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 8:5
15 Referans Kwoze  

Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”


kodwa induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawula yawavimba enhlosweni yawo. Yayaleza ukuba labo abakwaziyo ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, baze bafike emhlabathini.


uPawula wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, anisoze nasinda nina.”


UPawula wabiza enye induna yekhulu, wathi kuyo: “Ake uyise le nsizwa enduneni yenkulungwane, kunokuthile ezakukubika kuyo.”


Wasuka eNazaretha, wayohlala eKhaphernawume elingasolwandle, ezifundeni kwaZebuloni nakwaNafethali


Kuthe lapho iningizimu isiheleza kahle, bacabanga ukuthi inhloso yabo isifezekile, base bekhuphula ihange, bagudla iKhrethe.


Induna yenkulungwane yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi kuzo: “Hlelani amabutho angama-200 ukuze alungele ukuya eKhesariya ngehora lesithathu ebusuku, nabagibele amahhashi abangama-70, nabemicibisholo abangama-200.


Kuthe besambophe ngemichilo, uPawula wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: “Kuvumelekile yini ukuba kushaywe umuntu ongumRoma engakalahlwa yicala na?”


Kepha induna yekhulu eyayimi lapho iqondene naye, kwathi lapho imbona efa, yathi: “Impela lo muntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”


UJesu waphinde wangena eKhaphernawume emva kwezinsuku eziningi; kwezwakala ukuthi usekhaya.


UJesu wangena esikebheni, wawelela ngaphesheya, waya emzini wakubo.


Nawe Khaphernawume, uthi kambe uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Phinde, uyakwehliselwa eHayidesi, ngokuba, ukuba imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe yayenziwe eSodoma, ngabe lisekhona nanamuhla.


Nokho-ke iLida lalakhelene neJopha, ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPhethro ukhona lapho, bathumela kuye amadoda amabili, bamcela bathi: “Yiza kithi ngokushesha, ungalibali.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite