Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 8:4 - IsiZulu 2020

4 UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 8:4
31 Referans Kwoze  

Lapho esewabonile, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubaphristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.


Wayiyala ukuba ingatsheli muntu, kepha wathi: “Hamba, uzibonakalise kumphristi, unikele umnikelo wokuhlanjululwa kwakho njengalokhu uMose wayala, kube ngubufakazi kubo.”


Wabadonsa ngendlebe ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi noma ebayalisisa kwaba sengathi uyababhebhezela, bayisabalalisa kakhulu indaba.


Ayesevuleka amehlo azo. UJesu wazidonsa ngendlebe, wathi: “Qaphelani ukuba lokhu kungaziwa muntu.”


Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.”


UJesu wabadonsa ngendlebe ukuba lokhu kungaziwa muntu, futhi wabatshela ukuba bayiphe ukudla intombazane.


Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.”


Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


“Kepha qaphelani, ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.


“Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaphrofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa.


Kwaba kuhle kuSimakade ngenxa yokulunga kwakhe, ukuba aphakamise umthetho wakhe, awenze uhlonipheke.


Kepha angizifuneli udumo lwami, kodwa ukhona ofunayo nowahlulelayo.


Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


“Mina angemukeli udumo kubantu,


Lokhu kuyakuninika ithuba lokuba nifakaze.


Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye.


Wayesebayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi unguKhristu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.


“Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, kusho ukuthi yisifo sochoko, siyakukhonjiswa umphristi.


UJesu wabayalisisa omoya ababi ukuba bangalokothi bakudalule ukuthi ungubani.


Sebehla entabeni, uJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngabakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.


Kwaphuma amadimoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKhristu.


Abazali bayo bamangala. UJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngalokho okwenzekileyo.


Wabadonsa ngendlebe, wabayala ukuba bangakutsheli muntu lokho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite