Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 8:20 - IsiZulu 2020

20 UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 8:20
35 Referans Kwoze  

Ngokuba inyoni ifumene isidleke, nenkonjane yazitholela isidleke sayo, lapho ingabeka khona amaphuphu ayo, ngisho kuma-althare akho, Simakade Wamabandla, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.


Wazibula ngendodana, wayisonga ngendwangu, wayilalisa emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.


Baphuthuma baya khona, bafica uMariya, noJosefa, nomntwana elele emkhombeni.


Lokhu kuyisibonakaliso kini: Niyakufumana umntwana esongiwe, elele emkhombeni.”


Ngokuba ngingompofu nontulayo, inhliziyo yami ilimele.


Kepha mina ngihluphekile, nginobuhlungu. Nkulunkulu, insindiso yakho mayingilondoloze.


uJowana umkaKhuza, induna kaHerodi, uSusana, nabanye abaningi ababebalekelela ngalokho ababenakho.


Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo.


kwakhela kuyo izinyoni, unogolantethe unesidleke kuyo imisayiphuresi.


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.”


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


UJesu esefikile esifundeni saseKhesariya Filiphi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani na?”


Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”


Noma ngihlupheka, ngintula, iNkosi iyanginaka, Wena ungumsizi wami nomsindisi wami, Nkulunkulu wami, mawungalibali.


“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe.


Izinyoni zezulu zakhe ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.


Wayesebaphendula, ethi: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu.


Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”


UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


“Ngithi kini, yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.


Ngithi kini: uyakubenzela ubulungiswa ngokushesha. Ngabe iNdodana yomuntu iyokufumana yini ukukholwa emhlabeni mhla ifika na?”


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.”


Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.


Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa,


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila.


Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na?


Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”


Esephumile, uJesu wathi: “Manje iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimuliswe kuyo.


wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite