Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 7:15 - IsiZulu 2020

15 “Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 7:15
54 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni.


Kuyakuvela abaphrofethi mbumbulu abaningi, badukise izindimbane zabantu.


Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.


Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.


Ngokuba abathile sebengene isinyenyela phakathi kwenu, okwalotshwa ngabo phambilini ukuthi bamiselwe ukubhujiswa njengabangalungile. Bahlanekezela umusa kaNkulunkulu wethu, bawenze ube yizaba zokwenza amanyala, beyiphika iNkosi yethu uJesu Khristu okunguYena kuphela uMbusi.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Ngakho-ke nina bathandekayo, njengokuba nazi lokhu phambilini, qaphelani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, bese niwa kulokhu eniqine kukho.


Maye, kinina nonke abantu abakhuluma kahle ngani, ngokuba oyise benza kanjalo kubaphrofethi mbumbulu.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.


Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba.


ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo.


Kukhona abazalwane mbumbulu abangena isinyenyela bezokuba yizinhloli zenkululeko esinayo kuKhristu uJesu, ukuze basenze izigqila.


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”


Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


Ngabona kuphuma emlonyeni kadrago nasemlonyeni wesilo nasemlonyeni womphrofethi wamanga, omoya abathathu abangcolileyo abafana nezingxangxa;


Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


Ngakho-ke qaphelani, funa nehlelwe ngokwashiwo ngabaphrofethi abathi:


Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze,


Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”


“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku kube yilowo nalowo mphrofethi abe namahloni ngombono wakhe. Abayukuyigqoka ingubo enoboya ukuze bakhohlise.


“Kukhona uzungu lwabaphrofethi bawo abakuwo, olunjengengonyama ebhongayo edwengula impango. Badle abantu, bathatha ingcebo nokuyigugu, benza baba baningi abafokazi abakuwo.


Ngokuba nidabukise inhliziyo yolungileyo ngamanga; Mina angizange ngimdabukise; niqinise izandla zezikhohlakali ukuze zingaphenduki endleleni yazo embi, zisindiswe.


abaphrofethi bakwa-Israyeli abaphrofetha kulo iJerusalema, nabalibonela imibono yokuthula, kube kungekho kuthula, kusho iNkosi uSimakade.” ’


ngalokho-ke usho kanje uSimakade ngaye, uthi: bhekani, ngiyakumjezisa uShemaya waseNehelamu nabozalo lwakhe. Akayukuba namuntu oyosala kulaba bantu, futhi akayukukubona okuhle engiyakukwenzela abantu bami, ngokuba ukhulume ngokuhlubuka kuSimakade, kusho uSimakade.’ ”


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi, indodana kaKolaya nangoZedekiya, indodana kaMahaseya, abaphrofetha amanga kini egameni lami, uthi: “Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, uyakubabulala nibuka ngamehlo enu.


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


Sebedabulile esiqhingini sonke, baze bayofika ePhafu, bafumana indoda thize lapho eyabe ingumlumbi nomphrofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe kunguBharjesu,


Umphrofethi wayesethi kuye: “Nami ngingumphrofethi njengawe, kodwa kukhulume ingelosi kaNkulunkulu, yathi: ‘Mbuyise nawe, eze endlini yakho ukuze athole isinkwa, aphuze namanzi.’ ” Kepha umphrofethi wayeqamba amanga.


Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane, bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.


Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.


USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite