Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 7:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 7:14
27 Referans Kwoze  

“Ngokuba baningi ababiziweyo, kodwa bayingcosana abakhethiweyo.”


Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.


UJesu wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe, angilandele.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Ngihamba endleleni yokulunga, emikhondweni yobulungiswa,


nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”


“Kanjalo-ke abokugcina bayakuba ngabokuqala; abokuqala babe ngabokugcina.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, lungisani indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”


Kungani na? Kungenxa yokuthi babengawulandeli ngokukholwa, kodwa kungemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,


Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.


Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.


“Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona.


“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite