Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:30 - IsiZulu 2020

30 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:30
15 Referans Kwoze  

Uma-ke uNkulunkulu embathisa utshani basendle obukhona namuhla, kuthi ngakusasa buphonswe eziko, kakhulu kangakanani nina eninokukholwa okuncane.


Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”


ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”


Kepha uJesu ekwazi abakucabangayo, wathi: “Niqagulisana nithini phakathi kwenu, nina bokukholwa okuncane, nithi yingokuba ningenazinkwa na?


UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu.


Wayesethi kuThomase: “Letha umunwe wakho lapha, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwa, kodwa okholwayo.”


Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?”


Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,


UJesu waphendula wathi: “Hhawu, sizukulwane esingakholwayo nesonakeleyo, kuyoze kube nini nginani, nginibekezelela na? Yilethe lapha indodana yakho.”


UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”


Ngisho izikhohlakali zingahluma njengotshani, nabo bonke abenza okubi baqhakaze, bayobhubha ingunaphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite