Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 6:28 - IsiZulu 2020

28 “Kungani nikhathazeka ngokokwembatha na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 6:28
13 Referans Kwoze  

“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na?


Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.


“Bhekani nje, nansi iminduze yasendle, ukuthi ikhula kanjani. Ayizikhandli, ayizithungeli zembatho, kodwa ngithi kini: ngisho noSolomoni, ebukhazikhazini bakhe bonke, wayengavunulisile okomunye wayo.


Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’


UJohane waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili, makaphe ongenangubo, nonokudla enze kanjalo.”


Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli, uyakuqhakaza njengomnduze, agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni.


Ngubani phakathi kwenu okuthi ngokuzikhathaza kwakhe athasisele umzuzwana ebudeni bempilo yakhe na?


Kepha iNkosi yamphendula, yathi: “Martha, Martha, ukhathazekile futhi uphazanyiswa yizinto eziningi.


“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani.


niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite