Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 5:37 - IsiZulu 2020

37 Kepha izwi lenu malibe ngukuthi: yebo, yebo, noma qhabo, qhabo. Okudlula lapha kuvela komubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

37 Kodwa inkulumo yenu mayibe ngokuthi, Yebo, yebo; Cha, cha, ngokuba noma yini engaphezu kwalokhu ivela komubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Kodwa inkulumo yenu mayibe ngokuthi, Yebo, yebo; Cha, cha, ngokuba noma yini engaphezu kwalokhu ivela komubi.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 5:37
17 Referans Kwoze  

Ngaphezu kwakho konke bazalwane bami, ningafungi ngezulu noma ngomhlaba noma nganoma yini. Kepha uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo abe nguqhabo, ukuze ningehlulelwa.


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.


Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


Insimu yizwe, imbewu enhle yilabo abangabantwana bombuso; ukhula ngabantwana bomubi.


Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi Yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi.


kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi.


Ngokuba enhliziyweni kuvela imidlinzo emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, nokuhlambalaza.


Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe noma lube mnyama.


kukho konke, nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo yomubi evuthayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite