Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 5:29 - IsiZulu 2020

29 Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 5:29
22 Referans Kwoze  

Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa noma kanjani, kodwa uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe,


Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina luqobo, kuthiwe angifanele.


Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo.


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe na?


Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu, futhi kukhona abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Okwazi ukukwemukela lokhu, makakwemukele.”


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


“Maye, kinina zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba niwela ulwandle, nidabule amazwe ukuba nithole abe munye ophendukela enkolweni yenu, athi esephendukile, nimenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!


Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?


Kepha-ke ngizakunitshengisa okufanele nimesabe. Mesabeni lo othi esebulele, abuye abe namandla okuphonsa esihogweni. Impela, ngithi kini: mesabeni lowo.


Noma lapho isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.


Ubusisiwe ongayukukhubeka ngenxa yami.”


Kepha-ke ukuze singabakhubekisi, hamba uye olwandle, uphonse udobo, uthathe inhlanzi eyakubanjwa kuqala; kuyakuthi lapho usuyivule umlomo, ufumane imali; yithathe, ubanike yona, uthelele Mina nawe.”


noma ebugodla engabushiyi, ebugcina emlonyeni wakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite