Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 5:14 - IsiZulu 2020

14 “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 5:14
16 Referans Kwoze  

ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni,


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama.


Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.


Nisenokukhanya, kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantu bokukhanya.” UJesu washo lokhu wamuka kubo, wafihleka kubo.


Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba ukulunga kunakuhlanganyela kuni nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?


UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”


Ngisekhona ezweni, ngingukukhanya kwezwe.”


Ngakho-ke khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala, kodwa uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngizakulususa uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma nje ungaphenduki.


“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Leli yiJerusalema, ngilibeke phakathi kwezizwe, lahaqwa ngamazwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite