Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 4:24 - IsiZulu 2020

24 Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 4:24
41 Referans Kwoze  

wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, iyahlukumezeka kakhulu; kukaningi iwela emlilweni nasemanzini.


yathi: “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi; usezinhlungwini ezinzima.”


Kepha imibiko ngaye yasabalala kakhulu. Izixuku eziningi zaba naye ukuze zilalele, futhi ziphulukiswe ezifweni zazo.


Lokhu kubalwa kwabantu kokuqala kwenzeka lapho uKhwiriniyu engumbusi waseSiriya.


UJesu wayeselikhuza idimoni, laphuma kuyo; umfana wasinda ngaleso sikhathi.


Kwase kufika owesifazane waseKhanani evela emingceleni yakhona, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ihlaselwe kabi yidimoni.”


Kwase kulethwa kuye onamadimoni, eyimpumputhe futhi eyisimungulu; wamphulukisa, waze wabona, wakhuluma lo obeyisimungulu.


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya.


Kweza kuye abantu abane, bethwele ngohlaka umuntu ofe uhlangothi.


Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni.


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Wadabula eSiriya naseKhilikhiya, ehamba eqinisa amabandla.


UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya. Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke lelo lizwe.


Udumo lwakhe lwasabalala ngokushesha kuso sonke isifunda eGalile.


Ngaleso sikhathi uHerode, uMthethraki, wezwa kubikwa ngoJesu,


Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


Kwathi ukuba indlovukazi yaseShebha izwe imibiko ngodumo lukaSolomoni ngenxa yegama likaSimakade, yafika ukuzomvivinya ngemibuzo elukhuni.


Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, uHemani, uKalikoli, uDarda, amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke, nxazonke.


USimakade wayenaye uJoshuwa, udumo lwakhe lwagcwala ezweni lonke.


Abanye bathi: “Lawa mazwi awaphumi kumuntu onedimoni. Kanti idimoni lingawavula yini amehlo empumputhe na?”


UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke.


Umbiko ngalokhu wasabalala kulo lonke lelo lizwe.


Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, wahlangana nabantu ababili abanamadimoni, bephuma emathuneni. Babeyingozi kakhulu kangangokuthi kwakungekho muntu owayengalokotha adlule ngaleyo ndlela.


UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


Sengiyilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami wonke, igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, ithusi lokwethusi, insimbi yokwensimbi, imithi yokwemithi, amatshe amashohamu nawokufakwa, amatshe ahlobisayo nanemibala eyehlukeneyo, izinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.


Ababezelusile babaleka, baya emzini, babika konke okwakwenzekile, nalokho okwakwenzeke kwabanamadimoni.


Bengakwazi ukumsondeza kuye ngenxa yesixuku, baqaqa uphahla lwendlu lapho uJesu ayekhona. Kuthe sebevule isikhala behlisa uhlaka ayelele kulo ofe uhlangothi.


Yikuphi okulula ukuba kuthiwe kofe uhlangothi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma kuthiwe: ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho, uhambe’ na?


Waphuma esinagogeni, wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane onzima; bamnxusa uJesu ukuba amsize.


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni,” wathi kofe uhlangothi: “Ngithi kuwe: vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”


Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga.


Lezi zindaba ngoJesu zasabalala kulo lonke iJudiya nasezindaweni ezakhelene nalo.


Sekwenzekile lokho, iningi labantu basesiqhingini baletha nabanye ababenezifo, baphiliswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite