Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 4:23 - IsiZulu 2020

23 Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ekuguleni nasekuguleni konke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ekuguleni nasekuguleni konke.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 4:23
46 Referans Kwoze  

UJesu wahamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa bonke abanezifo ezahlukene, nokugula konke.


Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni.


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Esefikile emzini wakubo, wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala, bathi: “Lo ngabe ukuthatha kuphi lokhu kuhlakanipha nala mandla na?


Base bengena eKhaphernawume; kwathi ngosuku lwesabatha, uJesu wangena esinagogeni, wafundisa.


Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho,


Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


Emveni kwalokho, uJesu wahamba ephuma engena emizini nasemizaneni, ememezela, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu. Abali-12 babenaye.


Selifikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni. Abaningi ababelalele bamangala, bathi: “Ngabe lo ukuthatha kuphi lokhu na? Kuhlakanipha kuni lokhu akunikiwe na? Zimangaliso zini futhi lezi azenza ngezandla zakhe?


Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike umhla wokuphela.


UJesu wasuka lapho, wangena esinagogeni labo.


UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese.


UJesu wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha.


Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa.


Ngolunye lwalezo zinsuku uJesu efundisa, kwakuhleli lapho abaFarisi nezazimthetho ababephuma kuzo zonke izifunda eGalile, eJudiya naseJerusalema. Amandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.


Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizana efundisa.


Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte.


Emva kokuboshwa kukaJohane, uJesu wafika eGalile; washumayela ivangeli likaNkulunkulu,


Zathi enhliziyweni yazo: “Masibabhubhise kanyekanye;” zazishisa zonke izindlu zikaNkulunkulu zokuhlanganela.


“Manje ngiyazi ukuthi anisayukububona ubuso bami, nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso.


Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.


UJesu wakukhuluma lokhu efundisa esinagogeni, eKhaphernawume.


baphiliseni abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu ususondele kini.’


Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni,


Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!


Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala.


Kwathi ngolunye usuku uJesu efundisa abantu ethempelini futhi eshumayela ivangeli, abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga, bamvukela.


UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya. Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke lelo lizwe.


Kwathi ngelinye isabatha uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. Kwakukhona lapho umuntu owayeshwabene isandla sokunene.


Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona.


Kepha wathi kuye: “Yekela abafileyo bambele abafileyo babo, kodwa wena hamba, ushumayele ngombuso kaNkulunkulu.”


“Umthetho nabaphrofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi, ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uyafuzula ukuba angene kuwo.


eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite