Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 4:2 - IsiZulu 2020

2 Kwathi esezile ukudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ekugcineni walamba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 4:2
14 Referans Kwoze  

“Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa.


Wavuka, wadla waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, waya entabeni kaNkulunkulu, iHorebhe.


Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.


walingwa nguSathane izinsuku ezingama-40. Akadlanga lutho ngalezo zinsuku; kuthe seziphelile, walamba.


Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi.


“Ngakhothama ngathi mbo ngobuso phambi kukaSimakade, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngokuba uSimakade wayethe uzonibhubhisa.


UMose wangena phakathi efini, wakhuphukela entabeni, wayesentabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40.


Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Ngakusasa lapho bephuma eBhethaniya, uJesu walamba.


Ngizobavusela umphrofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, uyobatshela konke engimyala ngakho.


Kepha ekuseni, ekhuphukela emzini, walamba.


Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;


Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite