Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 28:19 - IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 28:19
39 Referans Kwoze  

Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngokuba nonke enabhabhadiselwa kuKhristu, nembatha uKhristu.


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuBaba.


“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”


Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.


Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu,


UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”


Pho bayokwenzenjani labo ababhabhadiselwa abafileyo na? Uma impela abafileyo bengavuswa, babhabhadiselwani ngenxa yabo na?


“Sondelani kimi, nizwe lokhu; angikushongo yini ekusithekeni kwasekuqaleni na? Kusukela esikhathini okwenzeka ngaso, ngangikhona.” Manje uSimakade uNkulunkulu ungithumile, kanye noMoya wakhe.


Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya,


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.


Umusa weNkosi uJesu uKhristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.


USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Kwavuthuluka masinyane emehlweni akhe okungathi yinkwethu, wayesebona; esesukumile, wabhabhadiswa.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”


Ngokuba bathathu ofakazi:


Zonke izizwe ziyakubuthelwa phambi kwayo; ihlukanise abanye kwabanye, njengomelusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi.


kwaze kwaba wusuku akhushulwa ngalo, emva kokuba esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite