Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 27:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha uJesu akazange amphendule nangelilodwa izwi, umbusi wamangala kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Akamphendula nakancane; waze wamangala kakhulu umbusi.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 27:14
10 Referans Kwoze  

Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.


Ngokuba ngiyabona ukuthi thina baphostoli, uNkulunkulu usenze saba ngabokugcina, njengabanqunyelwe ukuba bafe, ngokuba sesiphenduke into yokubukwa yizwe, yizingelosi, nabantu.


“ ‘Ake ulalele, Joshuwa, mphristi omkhulu, wena nobambisene nabo abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: niyabona-ke, sengizakuletha inceku yami, uHlumela.


Kwabaningi bengifana nesimangaliso, kodwa Wena uyisiphephelo sami esinamandla.


Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Nakuba abaphristi abakhulu namalunga bemethwesa icala, kodwa Yena akaphendulanga.


Kepha uPilatu wathi kuye: “Awukuzwa yini ukuthi kungakanani abakufakaza ngawe na?”


Kepha uJesu akabuyanga waphendula utho, waze wamangala uPilatu.


UHerode wambuza ngokuningi, kodwa kamphendulanga ngalutho.


wabuye wangena endlini yokwehlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu akamphendulanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite